
Sanelisiwe Nhlangulela
Umphakathi waseMgungundlovu uzwise intukuthelo emva kokucima kukagesi izikhawu zilandelana ungabuyi. Ubhikishe wavala imigwaqo, izolo ufuna kubuyiswe ugesi.
Emva kwezinsuku ezicishe zibentathu ugesi ungekho, umphakathi wase Richmond, Bisley, Southgate kanye nase Richmond crest uvale umgwaqo omukhulu, owaziwa ngo Richmond Road. Kulandela isigameko sokusha kwendlu yesigubhu sezintambo zikagesi kwa-Mason okuholele ekucimeni kukagesi kulezindawo.
Kusolwa izintambo ebesezindala zesiteshi esiphakela ugesi kulemiphakathi. Umasipala waseMsunduzi usole nokugetshengwa kukagesi, okuthelele ekusindelweni kwesigubhu. Ngemumva kwezinsolo ezikhishiwe uMsunduzi emva kokuhlolwa kwesigubhu esiphakela endaweni yaseCopesville, okuholele ekutheni lemiphakathi iphelelwe ugesi.
Mayelana nesimemezelo esikhishiwe uMsunduzi ezindaweni zokuxhumana. Okubaliwe kumubiko ukuthi baphezu kwezinhlelo zokubuyisa ugesi kulezindawo ezithintekile ngenxa yezigameko ezenziwe yizephula mthetho ezigebenga ugesi.
Sekubikiwe ukuthi lombhikisho usubange enkulu ingcindezi ekuhambeni kwezimoto emigwaqeni emikhulu uRichmond Road kanye nomgwaqo ophumele Eastwood. Abashayeli bazwise izikhalazo mayelana nokushaya konwabu ekuhambeni kwezimoto.
Umshayeli weloli lakwa Man-Line eyaziwa njengenkampani ezimele esebenza ngokuthutha kwezimpahla, Bongumusa Ndlovu uzwakalise ukhalazo lwakhe.
“Ngiphume ngesikhathi ekhaya, inkinga iqala sengingenela umgwaqo onguthela wayeka, Richmond Road. Isiminyaminya sezimoto esingenze ngafika emva kwesikhathi lapho ebengiyothuthela khona”, kusho uNdlovu.
Amalungu omphakathi aphinde azwakalisa ukukhalaza ngokubiza kukagesi abawukhokhelayo kodwa ophela sengathi bayawumukeliswa.
Ilungu lomphakathi wase Bisley, Ellaine Martins uthi, “ugesi awukho futhi awubuyi, kepha bayawukhokhela. Waphinde wakhalaza ngokuthi kusebusika, kuyabanda kepha bahlezi ngobumnyama”.
Amaphoyisa omugwaqo wamasipala waseMsunduzi aqinisekisa ukuqapha isiminyaminya sezimoto, emgwaqeni uRichmond Road.
Picture: supplied
MORE PLANS FOR “UNYAKA WESITHEMBISO”
Q&A WITH THAMI SHOBEDE
EATING COMMON DISODER
Contact Us
sBUX TO SAVE STUDENTS FROM THEMSELVES