Abantu bangaphandle bavumelekile ukuba nemisebenzi kuleli: Nxesi

Dumsile Mbatha
UNgqongqoshe wezemisebenzi nokuqashwa, uThulas Nxesi, ususe umsindo omkhulu ngenkathi ethi abantu abangabona abaseNingizimu Africa banelungelo lokuthola imisebenzi kuleli.
Lokhu kuza ngemumva kokuba abantu okungebona abakuleli beqashiwe ukuba bashayele ama-truck, abashayeli bakuleli babe sebezwakalisa ulaka labo ngokuthi bangenele isiteleka.
UMandla Mngomezulu ongunobhala we-ATDF (All Truck Drivers Foundation) eGauteng, uthe uNgqongqoshe uNxesi akanandaba nabantu bakuleli abangasebenzi.
“UNgqongqoshe uNxesi unendaba nabantu bangaphandle, uyazi ukuthi abantu bakuleli abaningi bahleli emakhaya abasebenzi kodwa yena ukwazi ukuqasha abantu bangaphandle,” kusho uMngomezulu.
Abantu bakuleli baqhubekile bazwakalisa ulaka labo ezinkundleni zokuxhumana, bebesho khona ukuthi uNxesi akasule esikhundleni sakhe.
UNomfundo Khumalo ongumcwali wezinwele uthe udonsa kanzima ebhizinisini lakhe ngoba abantu bangaphandle bavele babize imali encane kunalena ayibizayo.
“Ngokwami ukubona abantu bangaphandle abangavunyelwa ukuba babe nemisebenzi kuleli ngoba basithathela amakhasimende ethu, uma ufika emazweni abo awuyitholi lempatho thina esibanika yona. Abafike ngokuzovakasha bese bephindela emumva,” kuqhubeka uKhumalo.
Inhlangano eyengamela abashayeli bama-truck ithe isiteleka sizoqhubeka kuze kulalelwe izikhalo zabo.
Picture: Dailymaverick.co.za
MORE PLANS FOR “UNYAKA WESITHEMBISO”
Q&A WITH THAMI SHOBEDE
EATING COMMON DISODER
Contact Us
sBUX TO SAVE STUDENTS FROM THEMSELVES