Kushayisana imibono ngokunyuka kwemali yamatekisi

Siyabonga Mbhele
Kushayisana imibono mayelana nokwenyuswa kwemali yokugibela ematekisini kazwe lonke. Inhlangano eyengamele amatekisi ezweni lonke iSantaco yamemezela ukuba amatekisi azikwenyusa imali ezokhokhwa ngabagibeli kusuka ngomhlaka 01 July 2020.
Sikhulume namalungu omphakathi asebenzisa amatekisi nsuku zonke kanye nabasebenzi abasembonini abaveze izimvo ezehlukene mayelana naloludaba.
uSibusiso Zulu. odayisa esikhumulweni samatekisi aphinde abe ngumgibeli wansuku zonke uthi ukunyuka kwemali yokugibela kuzophoqa ukuba nabo bakhuphule amanani abo njebadayisi ukuze bakwazi ukukhokhela zonke izindleko zabo.
“ukunyuka kwamatekisi kuzolimaza nomphakathi ngenxa yokuthi yonke into izinyuka ezweni,” kusho uZulu. Uphinde wathi wonke umuntu kuzomele abe nendlela azama ngayo ukuthola imali ngoba kusobala ukuth inani lokuphila eNingizimu Afrika lisazomba eqolo.
Urank menenja ongathandanga ukuba kudalulwe igama lakhe uthi imali efakiwe incane kakhulu, ngokwakhe bekungafakwa noma amalandi iyisihlanu.
“Amashumi kanye nopondo abangeziwe kimi abathi shu, abanikazi bamatekisi banezindleko ezingi kakhulu engikholelwa ukuthi angeke zakwazi ukuba zilungiswe ngalemadlana,” echaza.
Uphinde wathi umpakathi kumele ubabonge osomatekisi kanye nenhlangano ebengamele ngokuthi uma bengeza imali bangazicabangeli bodwa kodwa bakwazi ukucabangela nomphakathi.
Noma inhlangano eyangamele amatekisi kazwe lonke imemezele ukwenyuka kwamanani, ezinye izinhlangano zamatekisi zikhethe ukuwushaya indiva lomyalelelo. Inani lamatekisi ahambela eClaremont, ePhayindani lisamile kweledlule. Omunye wabashayeli ongathandanga ukudalula igama uthe kunzima ukuthi baphawule mayelana naloludaba ngoba bana bangabasebenzi nje abathatha imiyalelo kubanikazi bezimoto.
“Mina ayikho into engingayisho noma engingayikhuluma mayelana naloludaba njengoba ngingumshayeli nje kuphela, abantu abangaba nezimpendulo zokuthi kungani inani linganyukile eClaremont abaphathi bethu kuphela.”
Isithombe: Lumkile Mtolo
MORE PLANS FOR “UNYAKA WESITHEMBISO”
Q&A WITH THAMI SHOBEDE
EATING COMMON DISODER
Contact Us
sBUX TO SAVE STUDENTS FROM THEMSELVES