Babuyele esikoleni abafundi bebanga lesi-11,6 noR

Samkelisiwe Khawula
Babuyelile esikoleni abafundi emva kwesinqumo esathathwa ungqongqoshe wezemfundo u-Angie Motshekga sokuthi abafundi bebanga lesi-11, 6, kanye nabebanga lika-R bebuyele esikoleni.
Kuqalile ukufunda emva kwezinyanga ezintathu abafundi behleli emakhaya ngenxa yobhubhane icorona. Lesisinqumo sokuvulwa kwalamabanga abanye othisha nabafundi abasizwa kahle ngoba basabela izimpilo zabo.
Abanye abafundi kuyabajabulisa ukuthi babuyele esikoleni ngoba bebesaba ukuthi lonyaka uzomosheka njengoba behleli emakhaya bebengafundi.
“Ngiyajabula ukuthi namhlanje sivulile ngoba sizokwazi ukuqhubeka nokufunda noma isikhathi sesimoshakele kodwa ngiyathemba ukuthi sizokwazi ukuthi sifunde sibhale nezivinvinyo ukuze sizodlulela kwibanga elilandelayo,” kuphawule omunye wabafundi uNokulindwa Shange.
Uphinde wabeka ukuthi bekumuphatha kabi ukuhlala ekhaya ngoba ubekhathazekile ukuthi uzophinda ikilasi kodwa njengoba sebebuyele esikoleni bayathembisa ukugcina umthetho ukuze behlale bephephile,
Okhulumela othisha yena uphawule wathi bazosebenza kanzima ngoba sebesele emuva kakhulu ngomsebenzi futhi bazozama ukuthi baqikelele ukuthi abafundi bayayigcina imthetho yokuhlala behlanzekile futhi befakile izifonyo ngoba ubhubhane alukapheli.
Umphathiswa wezemfundo wathembisa ukuthi ezikoleni kuzoba khona izimfanela zokuthi abafundi bahlale bephephile ukuze bengatholi lesi sifo -Covid-19.
Picture: QZ.com
MORE PLANS FOR “UNYAKA WESITHEMBISO”
Q&A WITH THAMI SHOBEDE
EATING COMMON DISODER
Contact Us
sBUX TO SAVE STUDENTS FROM THEMSELVES