Izinkakha zomculo kaMaskandi zikhiphe inoni kuzalwa Ukhozi FM

Khanyisani Nxumalo
Amaciko omculo kaMaskandi, uKhuzani, uPhuzekhemisi Kanye neHhashi elimhlophe bakhiphe icwecwe leculo ukuhlonipha iskhondlakhondla somsakazo Ukhozi FM ebelugubha usuku lokuzalwa.
Lomsakazo ubuhlanganisa amashumi ayisithupha waba khona endimeni yezokusakaza. Kantike lamaciko athi ayaluhlonipha olumaphikophiko ngokuvundulula umsebenzi wobuciko ubeke amaciko ebalazweni.
Lomsakazo ube sewuba nengxoxo namabili alamaciko uPhuzekhemisi neHhashi elimhlophe kanti kuthiwe Indlamlenze ibanjwe umkhuhlane ayikwazanga ukukhuluma.
Zombili lezinkakha zikaMaskandi zikugcizelelile ukuthi ngabe azikho kulelizinga ezikulo ngaphandle koKhozi. UHhashi elimhlophe uthe olumaphikophiko ludlale indima enkulu empilweni yakhe yezomculo. Uthe lwamuthwala emncane lwamukhandela igama ebantwini kwaphendleka nenyathuko.
“Ngaba owokuqala ukungena endimeni yomculo kaMaskandi ngimncane kodwa Ukhozi alukaze luwangabaze Amandla ami,” kusho uHhashi. Uqhube wathi baningi abantu olwenze umehluko Ukhozi ezimpilweni zabo ngakho lufanele ukuthweswa olwegwalagwala.
UPhuzekhemisi naye usike kwelijikayo ngegalelo loKhozi ekuthuthukeni komculo wesintu. “Ngiyajabula ukubona olumaphikophiko lusayibambile nanamuhla ngoba empeleni singabaculi ngaphandle koKhozi asilutho,” kusho uPhuzekhemisi.
Naye ukugcizelelile ukuthi mukhulu umehluko esewenziwe Ukhozi ngakho bakhethe ukuluhalalisela ngonqambothi lwengoma osukwini lokuzalwa kwalo. Uthe kuphela nagambaqa uma kumele adlulise ukubonga kulabasakazi abasebenza ngokuzikhandla ekuthuthukiseni ubuciko.
Uqhubeke wathi Ukhozi lwenza imindeni yamaciko ilale idlile ngoba maningi amathuba emiklomelo olubavulela wona. Ube esenxenxa abalaleli ukuba bekuqhakambise ukuxhaswa kwemisebenzi yamaciko ngoba yikho abaxosha ngakho ikati eziko. Ukugcizelelile ukuthi abantu abayithenge ezitolo ezifanele imisebenzi yabaculi wathembisa nokuthi nabo bazoqhubeka nokwakha, befundise bephinde belaphe imiphefumulo ngobuciko.
Isthombe: Ukhozi FM Facebook page
MORE PLANS FOR “UNYAKA WESITHEMBISO”
Q&A WITH THAMI SHOBEDE
EATING COMMON DISODER
Contact Us
sBUX TO SAVE STUDENTS FROM THEMSELVES