Zibulalane ngengoma eNgoqokazi

Siphelele Nzuza
Inyanga yamagugu ivuse usinga kwintsha yese ngoqokazi eNanda entshonalanga yeTheku ebihlangene ukugubha amagugu ngokusina, ukucula nezifundo ezithinta isintu.
Izindawo eziningi ezakhele isifundazwe iKwaZulu-Natal nazo zihlangane ukufundisana ziphinde zicobelelane ngolwazi. Intsha yaseNanda nayo ayisalanga ngaphandle njengoba nayo ihlanganise amakhanda yahlela indumezulu yomcimbi ukubuyisa ithemba ngamasiko nobuhle bokuthanda isintu.
Obehambele lo mcimbi obuhlelwe yiqembu amabala engwe uLindikhaya Ndabandaba akawuvali umlomo njengoba ebone amaqembu ebhikla ingoma ngenhloso yokubungaza lolusuku.
“Sihle isintu sethu madoda. Amagoso abesina ededelana kugcwele phama. Ngijabule kakhulu,” kusho uNdabandaba.
Okhulumela uNkululeko Magwaza abahleli amabalengwe uthi inhloso yomcimbi ukukhuthaza ukuba abantu bahloniphe isintu sabo.
“sisazoqhubeka nokushaya ingoma kusazoba mnandi. Isintu sethu sibaluleke kakhulu ngeke siyeke,” kusho uNkululeko.
Le micimbi ibakhona minyaka yonke ukubuyisa isintu kubantu.
Picture: supplied
MORE PLANS FOR “UNYAKA WESITHEMBISO”
Q&A WITH THAMI SHOBEDE
EATING COMMON DISODER
Contact Us
sBUX TO SAVE STUDENTS FROM THEMSELVES