Asindise Usuthu ezembeni amavukane

Vukani Langa
Bamangaze abaningi abaqeqeshi abase-ngamankonyane kwezokuqeqesha ebholeni elikhokhelayo besindisa iqembu lamaZulu ezembeni.
UAyanda Dlamini kanye nesekela mqeqeshi lakhe Moneeb Joseph bekuyisizini yabo yokuqala ekuqeqesheni ebholeni elikhokhelayo. Bobabili baqokwe njengethimba labaqeqeshi kumaZulu maphakathi nesizini emva kokushiya kuka Jozef Vukisic.
Bobabili labaqeqeshi babeka amakhokho ethala bedlaa kumaZulu, uJoseph uyeke ukuba ngumdlali kumaZulu phakathi nesizini wamanyezelwa njengesekela mqeqeshi.
UDlamini uncome ukuzinikela kwabadlali emdlalweni wabo wokugcina bebhekene neHighlinds Park abawudlale ngokulingana.
“Abadlali basebenze kanzima nangokuzikhandla, lomdlalo ubengelula kodwa sikwazile ukuthola iphuzu. Nokho bekumele siwunqobe lomdlalo njengoba singenelwe yigoli suzophela umdlalo,” kubeka Udlamini.
USuthu emdlalweni eyisthupha eliyidlalile ngaphansi kukathanqa lehlulwe kowodwa. Badliwa izitshudeni ngamagoli amabili kwelilodwa. AmaZulu aqede elele kunombolo 13 namaphuzu angu30.
Akukacaci kenokho ukuthi izinkotileka zalabaqeqeshi zizovuselelwa yini yiqembu, kwazise basayiniswa inkontileka yesikhashana ephele ngokugoqwa kwesizini ka2019/2020.
Picture: dailysun.co.za
MORE PLANS FOR “UNYAKA WESITHEMBISO”
Q&A WITH THAMI SHOBEDE
EATING COMMON DISODER
Contact Us
sBUX TO SAVE STUDENTS FROM THEMSELVES