Azihambi kahle izinto kuMakhosi

Sphelele Mthethwa
Ziyaqhubeka ukwanda izinkinga kwi Kaizer Chiefs esendaweni engajwayelekile kwi-log emva kokuhlulwa yiSwallows ngoLwesibili.
iChiefs enomqeqeshi osemnkantsha ubomvu kwezebhola u Gavin Hunt, isawine imidlalo emibili yadliwa emthathu kuyo yonke imincintiswano. Ukudliwa kwayo yiSwallows ngoLwesibili kutshengisile ukuthi kusazoba nzima ngoba isazodlola imidlalo yeCAF champion league.
Amakhosi avalwa ukuthenga abadlali amasizini amabili inhlangano eyengamele ibhola emhlabeni ngoFebuari ngendlela athenga ngayo u-Andriomirado ‘DAX’ Andrianarimanana.
Lesisimo silethe ingcindezi kuMakhosi ngoba ukungakwazi ukusayinisa abadlali abasha kubenze kwabanzima ukubhekana namanye amaqembu.
Njengoba izinto zingahambi kahle, amakhosi azidonsela amehlo abalandeli njengoba iningi labo likhalaza ngendlela izinto eziyiyo. Emuva kokuguqiswa i Swallows abalandeli bakhalaze ngendlela abadlali abadlala ngayo.
uSihle Mabaso ongumlandeli omkhulu wamakhosi, ukhala ngabadlali abangatshengisi umfutho enkundleni.
“Indlela endlala ngayo i Chiefs ayithokozisi neze, alikho ithemba ngisho kubadlali abebekade benza kahle ngesizini edlule,” kubeka uMabaso.
Nkululeko Nkambule naye ongumlandeli waMakhosi, yena ukhala ngomthelela wokuvinjelwa kwaMakhosi ukuthi asayine abadlali.
“Isimo sibi futhi sisazobi nzima kakhulu ngalaba badlali esinabo, ukungakwazi ukusayina abadlali kwenza izinto zibe nzima,” kusho uNkambule.
Njengoba Amakhosi ezodlala ezoqala imidlalo ye CAF, azoba ngaphansi kwencindezi yokuthi enze kahle ngoba umlando wabo emdlalweni ye champions league awumuhle kahle.
Usihlalo waMakhosi uKaizer Motaung, uthi ufuna okuncono uma bedibana ne PWD Bamenda e Cameroon.
“Asikenzi kahle kulesizini, ukuphumelela emidlalweni yase Afrika kubalulekile ku Chiefs futhi ngicabanga ukuthi sinabadlali asebemnkantsha ubomvu ukuth bengakwenza lokho,” kubeka uMotaung.
Picture: Gallo images
MORE PLANS FOR “UNYAKA WESITHEMBISO”
Q&A WITH THAMI SHOBEDE
EATING COMMON DISODER
Contact Us
sBUX TO SAVE STUDENTS FROM THEMSELVES