Kumnyama “kwezimnyama”

Vukani Langa
Ziyabhimba izinto kwi Orlando Pirates njengoba sebedlale imidlalo emine bengakaze beshaye nelilodwa igoli. Kulemdlalo emine iPirates idliwe owodwa yadlala ngokulingana emthathu.
Ukungenzi kahle kwePirates sekuze kwaba nomthelela kumgadli wayo uGarbadinoh Mhango ozihola phambili ngamagoli kwiligi, naye oselizwa ngendaba igoli.
Selokhu ebuyile amabhakhaniya akuhambi neze kahle njengoba sebedlale Imidlalo emibili ngaphandle kwabadlali abamqoka okungoThembinkosi Lorch kanye noJustin Shonga. Labadlali bamisiwe ngenxa yokungaziphathi kahle nokwephula imigomo kathanqa ebekwe yiqembu. Kanti iqembu selukuqinisekisile ukuthi uLorch usegxegiselwe isgwebo, futhi kungenzeka adlale namuhla kodwa UShonga yena usamisiwe.
Kanti nomqeqeshi uJoseph Zinnbauer usanda kuba senkingeni emva kokuphawula kwakhe okungabanga kuhle kubathandi bezemdlalo. Lomqeqeshi enkulumweni ngxoxo yakhe abe nayo emva komdlalo weWits, ubize amanye amaqembu ngokuthi “amaqembu amancane” kuPSL. Lokhu kumenze wathola ukugxekwa okukhulu nokuphethe ngokuthi akhiphe isitatimende sokuxolisa ngenkulumo yakhe.
“Ngicela ukuxolisa ngiphinde ngicacise ngenkulumo yami. Ithatheke ngenye indlela futhi kube nokungaqondi ngenkulumo yami. Ulwimi lwesingisi akulona olwebele kimi, ngokuthi “amaqembu amancane” bengisho umehluko phakathi kwalawo asemsileni naphezulu kulog”.
IPirates izobhekana neBaroka FC namuhla ntambama ngehora lesithupha ntambama. Kuzoba umdlalo onzima njengoba iBaroka ilwela ukuvika izembe. Kanti iPirates ibheke ukuqeda indlala yamagoli nokunqoba okukuqala emva kwemidlalo emine inganqobi.
Picture: Orlando Pirates Facebook page
MORE PLANS FOR “UNYAKA WESITHEMBISO”
Q&A WITH THAMI SHOBEDE
EATING COMMON DISODER
Contact Us
sBUX TO SAVE STUDENTS FROM THEMSELVES