Ukhonjwe indlela umqeqeshi obize abalandeli ngezinkawu

Vukani Langa
Umqeqeshi weYoung Africans okuyiqembu laseTanzania uLuc Eymael usekhonjwe indlela is’gubhukane. Emva kokubiza abalandeli ngeziNkawu naphinde wabafanisa nezincanga. Izikhulu zeqembu zibe sezimkhomba indlela emva kwesenzo sakhe.
“Angikuthokozeli ukuba kulelizwe lase Tanzania. Izwe lenu lihlwempu nabalandeli abalazi ibhola bazi ukumemeza ngathi iziNkawu”.
uEymael akagcinanga ngokubabiza ngezinkawu, uphinde wabachapha ngenhlamba ebabiza ngabantu abangafundile. Wagxeka nezinkundla zabo zemindlalo nazifanise nezama-amesha.
Abaningi basithokozele isinqumo sokuxoshwa kwalomweqeshi. USteve “mphathi” Khompela oqeqesha iGolden Arrows ungomunye wabasishayele ihlombe lesinqumo. UKhompela uke wakhalaza ngokuziphatha kwalomweqeshi, ngesikhathi esaqeqesha kuPSL.
“U-Eymael akahloniphi futhi uwabukeli phansi amazwe ase Africa. Iningizimu Africa iyobe yenze iphutha elikhulu ngokuphinde ivumele lomqeqeshi eze kuleli”.
Kuzokhumbuleka ukuthi lomqeqeshi uke waqeqesha amaqembu ePSL, okuyiBlack Leopards kanye neFree State stars esidlala kuGlad Africa Champions.
Yize egcine exolisile lomqeqeshi ngesenzo sakhe ezinkundleni zokuxhumana, kodwa akuzange kusamsiza. Kwazise iqembu liqhubekile nesinqumo sokumxhosha. Ekuxoliseni kwakhe ukhale ngencindezi nokuphoxeka ngenxa yokungenzi kahle kweqembu iYoung Africans.
“Ngidlulisa ukuxolisa kubantu baseTanzania, abaphathi beqembu, abalandeli nakubaxhasi. Okwenzekile kwenzeke ngephutha nnengcindezi yokungenzi kahle kweqembu ibenomthelela ngendlela engiziphathe ngayo”.
Picture: kickoff.com
MORE PLANS FOR “UNYAKA WESITHEMBISO”
Q&A WITH THAMI SHOBEDE
EATING COMMON DISODER
Contact Us
sBUX TO SAVE STUDENTS FROM THEMSELVES