uThemba Zwane unelukuluku lokuthwala iSundowns

Khanyisani Nxumalo
Injini yasesiswini yeMamelodi Sundowns, uThemba “Mshishi” Zwane, 30, ithi izimisele ukuthwala iqembu layo linqobe isicoco seligi ka-2019/2020.
uZwane ongowokudabuka eGoli, eTembisa uthi uyathemba ukuthi basenalo ithuba lokuthatha lesicoco. EzikaMshishi zihleli endaweni yesibili kuLog ngamaphuzu angamashumi amane nane.
Lomdlali ukuthwele ngeqoma ukuthi beqophe umlando neqembu lakhe ebholeni likanobhutshuzwayo ngokuwola izicoco. Umgqigqo wabo waphazamiswa ukumiswa kwemidlalo yebhola likanobhutshuzwayo umhlaba wonke ngenxa yokuqubuka kobhubhane lwegciwane leCorona.
“Empeleni ngafika eqenjini ngilindele yonke inselelo futhi ngyakhona ukusebenza ngaphansi kwencindezi ukuze ngikhiqize unqambothi enkundleni,” kusho uZwane. Uqhube wathi abaziboni bethwele ijoka lensimbi ngoba bengemuva ngamaphuzu amane nomdlalo owodwa esandleni. Lokhu kuza ngemuva kokuthi ikhuba lingabuyela esoyini maduze emaqenjini ePSL.
Uthe uyazi ukuthi ungumdlali osebalazweni nokuhlale kulindeleke lukhulu kuye. “Ngizama ngayo yonke indlela ukubuyisa ifomu yami yangesizini ephelile futhi ngiyathembisa ukuqhubeka ngenze kahle,” kusho uZwane.
UMshishi uqale imidlalo eyishumi nesthupha (16) kanti uvalele enethini amagoli ayisishiyagalolunye (9). Uveze ukuthi imfihlo yabo ukusebenza ngokuzikhandla nangokuzimisela ngaphansi kwemiyalelo yomqeqeshi wabo omnkantshubomvu uPitso “Jingles” Mosimane.
Kusizindalwazi seqembu uMshishi uveze ukuthi uyazi iqembu linabadlali abasezingeni kepha yena akumfakeli incindezi usebenza ngendlela yakhe ezuzisa iqembu. Uthe kuyamthokozisa ukudlala ngaphansi kobuholi bukaPitso futhi ufisa ukuba ngomunye woqolokathambo emlandweni webhola laseNingizimu Afrika.
UMshishi uthembisa ukuthi iqembu lizobuya uthukela ludla izindwali lingafune lutho endleleni yalo.
Picture: Fourfourtwo.co.za
MORE PLANS FOR “UNYAKA WESITHEMBISO”
Q&A WITH THAMI SHOBEDE
EATING COMMON DISODER
Contact Us
sBUX TO SAVE STUDENTS FROM THEMSELVES