Uvutha engabaselwe u “Kokota piano”

Vukani Langa
Selokhu kubuye imidlalo yeligi akagayelwa mphako umgadli weKaizer Chiefs u-Samir “kokota piano” Nurkovic. Lomgadli odabuka eSerbia uvutha engabaselwe njengoba eseshaye amagoli amabili emdlalweni embili kulandelana.
UNurkovic ube yiqhawe ngempelasonto esiza ezakhe ezidlule sekuvalwe amehlo ngamagoli amathathu kwamabili behlula iPolokwane City emdlalweni weligi. Lomgadli wakhe amagoli amabili kulomdlalo waphinde washaya elokunqoba usuzophela umdlalo.
“Ngijabule kakhulu ngomphumela, ukunqoba okusemqoka kakhulu lokhu. Inhlaba khefu yokhuvethe iyona enomthelela ekwenzeni kahle kwami neqembu, njengoba isinikeze isikhathi esanele sokuzilungiselela ngokomqondo ukubhekana nemidlalo esele”
Kuzokhumbuleka ukuthi nangenkathi IKhosi libhekene neWits nguye lomgadli owashaya igoli elimqoka elabatholisa iphuzu elilodwa, lo mdlalo waphela ngo 1-1. Kanti kuyo yombili lemdlalo aseyidlalile ube ngumdlali ovelele.
Ukuvutha kwalomgadli sekuzuzise iKhosi ngamaphuzu amqoka njengoba selivule igebe lamaphuzu ayisi khombisa kuligi. U”kokota Piano” osenamagoli angu 13 ulele endaweni yesibili embangweni wescoco somshayi magoli ovelele. Kanti ozihola phambili ngumgadli we Orlando Pirates uGarbandinoh Mhango owagcina ukushaya igoli ngoNhlolanja, ngamagoli angu 14.
Kanti emdlalweni olandelayo iChiefs izobhekana neBloemfontein Celtic ngoLwesithathu ngehora lesithupha ntambama. Lomdlalo awulula neze njengoba iCeltic ingakahlulwa kuyo yombili imidlalo esayidlalile.
Picture: sowetanlive.co.za
MORE PLANS FOR “UNYAKA WESITHEMBISO”
Q&A WITH THAMI SHOBEDE
EATING COMMON DISODER
Contact Us
sBUX TO SAVE STUDENTS FROM THEMSELVES